ukusekela imizamo yobudlelwane obakhayo ezisebenzini zikahulumeni.
Ukukhuphula inhlonipho elinganayo phakathi kwabaqashwa naphakathi kwabaqashi nabaqashwa.
Ukuqikelela ukuthi abaqashi nabaqashi banokuqonda okufanayo mayelana nempatho embi kanye nempatho eqinileyo.
Ukukhuphula indlela eyamukelekile yokuphatha.
Ukunikeza abaqshi nabaqashwa izwi lempatho elisheshayo nelilula lesicelo sempatho eqinileyo.
Nokugwema ukunganaki umthetho noma ubandlululo lwabaqashwa kubaphathi.
impatho eqinileyo iyisinyathelo esilungisayo hayi esijezisayo.
Impatho eqinileyo kumele yenziwe ngendlela esheshayo, eyamukelekile, elandelekayo nenenqubekela phambili.
Impatho eqotho iwumsebenzi wokuphatha.
Inhlanganisela yemithetho idingeka ekuthumeleni okusheshayo kwemisebenzi kanye nempatho elinganayo kubantu, kanye nokuqiniseka ukuthi abaqashwa.
a. banethuba elilinganayo lokukhuluma ngezinhlelo ezihlelekile nakulezo ezingahlelekile.
b. Bahlale baziswa ngezingomela zempatho embi eyenzeka kubo.
c. Bathola izizathu ezibhaliwe zesinqumo esibhaliwe, kanye d. Nokuba nelungelo lokuphikisa nanoma isiphi isinqumo.
Kuzokwenziwa konke okusemandleni ukuthi ukuqondiswa kezigwegwe kwenzeke endaweni yomsebenzi futhi kucaciselwe zonke izisebenzi.
Uma umqashwa eziphathe kabi. Lokho kungubugebengu, icalaobugebengu. Kenye nezinyathelo zokuqondisa izigwegwe zizokwenzeka ngezindlela ezahlukene.
Ukujeziswa ngokwenqubo yasemsebenzini akuyiphazamisi indlela yasenkantolo.
Lemigomo nemigudu ziyinkomba nje zingashintshwa kubhekwa izimo ezifanele.
qubo efanayo kuyo yonke imikhandlu ephathelene nokusebenzela umphakathi, noma equkethwe umthethosisekelo noma imigomo.
Imithetho , imigomo kanye nezilinganiso zamazinga.
Ukuziphatha komsebenzi okungadinga ukuba umsebenzi athathelwe izinyathelo zokuqondisa izigwegwe, zilotshwe ku-Annecture A. Loluhla aluphelele. Abaphathi bangamqondisa isigwegwe umsebenzi ngokuziphatha kwakhe, inqobo nje uma ebazi, noma kufanele ukuba ubazi ukuthi lokho kuziphatha kunesisekelo sokuba angathathelwa lezizinyathelo.
a. izinsolo zokungaziphathi kahle zinegalelo elingakanani emsebenzini kahulumeni, ophikweni labasebenzi, kanye nasemphakathini.
Imigudu yokuqondisa izigwegwe.
Isaluleko sokulungisa okonakeleyo. Ezikhathini lapho ukubaluleka kokungaziphathi ngendela kudinga ukwakulekwa, komsebenzi, Umphathi womsebenzi kumele enze lokhu.
a. azise unsebenzi ngokungaziphathi kahle kwakhe.
b. Acacisele umsebenzi ngecala athweswa lona, bese emnikeza nethuba lokuba azikhulumele ngecala abekwa lona.
d. Athathe izinyathelo zonkwenza okuvunyelwene ngakho.
Isexwayiso somlomo. Umangabe owonile edinga isexhwayiso, isexwayiso singenziwa ngokukhuluma, Uphathi kumele amshele umsebenzi ukuthi uma ephinda engaziphathi kahle angase athole isijeziso, futhi isexwayiso siyoshicilelwa phansi.
Isexwayiso esibhaliwe. Umangabe isisebenzi esonile sidinga isexwayiso esibhalwe phansi, umphathi angasinikeza isexwayiso esibhalwe phansi. Lena imigomo okumelwe ilandelwe uma kwenziwa isexwayiso esibhaliwe.
b. umphathi kumele anike umqashwa /umsebenzi ikhophi yesexwayiso, nakumele asisayine. Uma enqaba ukusisayina, umphathi kumele amnikeze kukhona omunye umsebenzi ozosayina efakaze ukuba isexwayiso usitholile lona owonile.
c. Isexwayiso esibhaliwe kumele sigcinwe ebhukwini lemininingwane yomsebenzi.
d. Isexwayiso esibhiliwe singaphansi komthetho izinyanga eziyisithupha. Ekupheleni kwezinyanga eziyisithupha kumele sisuswe ebhukwini lemininingwane yomsebenzi bese licekelwa phansi.
e. Uma umsebenzi etholakala esonile futhi kungakapheli izinyanga eziyisitupha, isexwayiso singasetshenziswa ekuthatheni isinqumo mayelana nesijeziso okumele asithole.
Isexwayiso sokugcina esibhaliwe. Umangabe isisebenzi esonile sidinga isexwayiso sokugcina esibhalwe phansi, umphathi angasinikeza isexwayiso esibhalwe phansi. Lena imigomo okumelwe ilandelwe uma kwenziwa isexwayiso esibhaliwe.
b. umphathi kumele anike umqashwa /umsebenzi ikhophi yesexwayiso, nakumele asisayine. Uma enqaba ukusisayina, umphathi kumele amnikeze kukhona omunye umsebenzi ozosayina efakaze ukuba isexwayiso usitholile lona owonile.
c. Isexwayiso esibhaliwe kumele sigcinwe ebhukwini lemininingwane yomsebenzi.
d. Isexwayiso esibhiliwe singaphansi komthetho izinyanga eziyisithupha. Ekupheleni kwezinyanga eziyisithupha kumele sisuswe ebhukwini lemininingwane yomsebenzi bese licekelwa phansi.
e. Uma umsebenzi etholakala esonile futhi kungakapheli izinyanga eziyisitupha, isexwayiso singasetshenziswa ekuthatheni isinqumo mayelana nesijeziso okumele asithole.
Amacala afanayo enziwa ngabasebenzi kumele athole izexwayiso ezifanayo ukuze kutholakale indlela eyodwa yokubejezisa noma yokuqondisa izigwegwe.
Uma lilibi kakhulu icala asolwa ngalo umsebenzi, indinga isijeziso esinzima kunalezo ezinikezwe esigabeni seshumi nanhlanu , umqashi angasungula uphenyo mayelana nesijeziso. Umqashi kufanele aqoke umkhulumeli/ ozommela aqalise uphenyo, kufanele noma kanjani abe umphathi womsebenzi.
Isaziso ngophenyo a. umqashwa / umsebenzi makanikezwe isaziso okungenani kkusasele izinsuku eziyisihlanu ngaphambi kosuku lokulalelwa kwecala.
b. Umsebenzi kumele asisayine isaziso esimazisa ngosuku lwecala. Uma enqaba ukusisayina kumele anikezwe phambi komonye umsebenzi nozosayina kube nokufakazi bokuthi owonile usutholile isaziso.
incazelo ephelele yokungaziphathi kahle, ubufakazi umqashi azothembela kukho.
Ulwazi lwamalungelo omsebenzi, ozomela abasebenzi noma omele inhlangano yabasebenzi esemthethweni, kanye nozokwethula ubufakazi.
a. umqashi angamumisa okwesikhashana umqashwa noma amkhokhele ngokugcwele, noma amuse kolunye uphiko lwalenkaphane. Ngaphansi kwalemibandela; uma umqashwa ebekwe nomaenze icala elinzima, futhi umqashi ekholwa ukuthi ukubakhona komqashwa emsebenzini kungaphazamisa uphenyo ecaleni abekwe lona, noma kubeke engozini isimo sokuphepha , somuntu othile noma impahla kahulumeni.
c. Uma umqashwa obemisiwe emsebenzini noma ethunyelwe kwenye indawo umqashi kumele enze ukulalelwa kwecala ingakapheli inyanga. Umphathi wokulalelwa kwecala onquma ukuba lizodluliselwa yini phambili.
a. Ukuqulwa kwecala kumele kubanjwe aingakapheli izinsuku eziyishumi ngemuva kwesaziso esisesiqeshini. u-7.1 (a) esitholile umqashwa.
b. Umphathi sihlalo ecaleni kumele abe sezingeni elingaphezulu kunelalowo omele umaqashwa . Uma umqashwa obekwe icala eyinhloko yophiko owengamele kumele abe I-executing authority noma akube umuntu onolwazi olwanele futhi othunyelwe yikhabhinathi noma isingungu esiphezulu sesifundazwe.
c. Uma umqashwa ethanda angamelwa ecaleni omunye umsebenzi noma omele inhlangano esemthethweni.
d. Uma kunesidingo utolika engabakhona ecaleni.
e. Ekulalelweni kwecala akumele umqashi noma umqashwa amelwe onolwazi kwezemithetho, ngaphandle umqashwa engummeli. Ngokwesivumelwano ummeli uchazwa njengomuntu owamukelekile ukuba asebenze njenge mansti noma njengo mshushisi eningizimu africa.
f. Uma umqashwa ehluleka ukuza ecaleni futhi umphathi sihlalo egcizela ukuba besingekho esibalukile ukuqukulwa kwecala kungaqhubeka umqashwa engekho.
h. Umphathi sihlalo uzofunda isaziso ukuze siqoshwe bese kuqala icala.
Omele umqashi uzothula ubufakazi bokungaziphathi kahle ngaphambi kokuqulwa kwecala. Umqashi angafaka imibuzo kulowo omele umqashwa noma ufakazi othulwe ngomele umqashi.
j. Umqashwa uzonikezwa ithuba lokucacisa ngobufakazi.
k. Owengamele angabuza noma imuphi ufakazi ukuze acacelwe.
l. Uma owengamele enquma ukuthi umqashwa wonile, kumele emazise isizathu zokuthi wone ngani m. Ngaphambi kokunqunywa kwesijeziso, owengamele engamunika umqashi ithuba lokuzikhalela, noma lowo omele umqashwa.
n. Owengamele kumele makazise ngemiphumela yecala kumqashwa ngaphambi kokuba kuphele izinsuku ezinhlanu emva kwesiphetho sophenyo, umphumela kufanele uqoshwe encwadini yemininingwane enzulu zomqashwa.
a Uma owengamele ethola umqashwa enecala kumele akhiphe isijeziso.
Isijeziso siyoncika ekutheni umqashwa wone kakhulu kangakanani.
i iziyalo, ii isixwayiso esibhaliwe, iii isixwayiso sokugcina esibhaliwe, iv ukumiswa emsebenzini okungevile ezinyangeni ezintathu ngaphandle kwenkhokhelo, v inhlanganisela yakho konke okungenhla, noma vi ukuxhoshwa.
b. Ngokuvumelana nomqashi, owengamele angakhipha isigwebo sokuba owonile amiswe emsebenzini ngaphandle kwenkokhelo, noma ehliswe esikhundleni kunokuba axoshwe. Uma ethole isjeziso sokwehliswa esikhundleni angakwazi ukubuye afake isicelo sokukhushulelwa esikhudleni ngaphandle kuucwaseka.
c. Umqashi akanayo imvume yokukhipha isijeziso uma ummangalelwa efake isicelo sokuba icala lidluliselwe phambili.
Umqashwa kumele, afake isicelo sokudluliswa kwecala zingakapheli izinsuku ezinhlanu emva kokuba ethole umphumela, ifomu lesikhalo kumele alilethe kwisiphathimandla esikhiphe isinqumo, noma kumphathi wakhe, yenake ozosedlulisela wkisiphathi-mandla esibhekelene nezikhalazo.
a iziphathi-mandla zabaqashwa zabasebenzi noma b isisebenzi esiqokwe iziphathi-mandla, esingakazange sithathe nxexheba ekuthathweni kwesinqumo.
Uma ngabe umqashwa engumphathi womnyango othile, noma eyenhloko yomyango isinqumo mayelana nesicelo siyothathwa unDunankulo ofanele noma uMongameli.
Uma umuntu ochazwe esigatsheni 8.3 ukuzizwela icala umqashwa kumele asiswe ngosuku kanjalo nangesikhathi.
sisekela isikhalo.noma sinciphisa isijeziso, noma gcizelala nge sinqumo/ isiphetho secala.
Qaphela: umqashwa unelungelo lokusebenzisa izindlela zokuxazulula ukungaboni, ngasolinye elandela imigudu etholakala ngaphansi komthetho wokuphathwa nokuvikelwa kwamalungelo abasebenzi.
Uma ehluleka ukuvumelana noma ukuhambisana nezibopho zomthetho.
Uma ephatha izimali zikahulumeni budedengu, ngokungacopheleli ebe enza ngamabomu.
Etholakala nepmahla kahulumeni, noma etholakala esebenzisa impahla kahulumeni, abasebenzi noma izivakashi ngaphandle kwenvume.
Ngokulahla, ukubulala impahla kahulumeni ngamabomu, ngenhloso noma ngokuthanda.
Ukululaza ezokuphatha, izindlela zoziphatha, ukusebenza ngokuncomekayo kwonoma yimuphi umyango noma indawo kahulumeni.
Ukusebenzisa isikhundla sakhe ukufeza izinhloso zeqembu lezombusazwe.
Ngokweba, ukugwazelwa, noma ukukhohlisa.
Ngokwamukela imali eqhamuka kumuntu noma kwelinye ilunga lomphakathi noma umqashwa ngoba efuna/ lifuna ukwenza umsebenzi ngaphandle kwesivumelwano esibhalwe ilowo mnyango.
Ngokwehluleka ukulandela umyalelo noma imigomo ngaphandle kwesizathu esizwakalayo.
Ngokungezi emsebenzini izikhathi ezilandelanayo ngaphandle kwesizathu noma imvume.
Ngokubandlulula abanye kubhekwa ibala, ubulili, ukukhubazeka noma ezinye izisusa ezingavunyelwa umthetho sisekelo.
Ngokusebenza okungagculisi ngezizathu ezingasho ukuthi amandla ubengenawo..
Ngokusebenzela imbuyiselo esikhundleni sangasese esebenzela omunye umuntu noma inhlangano ngesikhathi somsebenzi noma ngaphandle kwaso ibe ingekho incwadi evela emnyangweni evuma lokho.
Ngaphandle kwegunya alale esemsebenzini.
Ngesikhathi esemsebenzini, ungaphansi kwamandla ophuzo oludakayo, okungekho emthethweni, okungumkhuba omubi, izidakamizwa ezibandakanya utshwala.
Ngesikhathi esemsebenzini uziphatha ngendlela engamukelekile, edumazayo, nengafanele.
Aphule noma imuphi umthetho obekwelwe izisebenzi zikahulumeni.
Ngokubhudukeza omunye umqashwa noma ukuthukuthelisa umuntu emsebenzini.
Ukusabisa noma ukulimaza abanye abasebenzi.
Ukunqabela abanye abaqashwa ukuthi babe amalunga eqembu elithile.
Ukuzenzela ibhizinisi lakho lokubolekisa ngezimali ngesikhathi somsebenzi.
Ukuphatha izikhali eziyingozi endaweni kaHulumeni ngaphandle kwemvume yomqashi.
Ukungahloniphi imithetho yokuphepha.
Ukuletha uvbufakazi obungamanga esenzweni asenzile.
Amarekhodi angamanga noma imininingwane engamanga.
Ukufaka isandla emisebenzini engekho emthethweni.
Ukwenza umthetho wamasiko ube sendaweni yezomthetho kahulumeni.
Isijeziso esibhalliwe sizobekwa encwadini yakho yemininingwane , sizohlalakhona izinyanga eziyisithupha kusukela osukwini esibhalwe ngalo. Emva kwezinyanga eziyisithupha sizosuswa ezincwadini zemininingwane yakho bese sicekelwa phansi.
Uma ungahambelani nalesisexwayiso ungadlulisela isikhalazo sakho ku [igama] ngaphaphi kokuba kuphele izinsuku ezinhlanu zomsebenzi.
Lesi isxwayiso sokugcina esibhaliwe esimayelana nomthetho wokuziphatha. Uma uqhubeka nezenzo zakho ezimbi ungagcina usuthathelwe izinyathelo ezinzulu.
Lesi sixwayiso sokugcina esibhaliwe sizohlala izinyanga eziyisithupha encwadini zakho zemininingwane. Emva kwezinyanga eziyisithupha sizosuswa ezincwadini zemininingwane yakho bese sicekelwa phansi.
Uma ungahambelani nalesisexwayiso ungadlulisela isikhalazo sakho ku [igama] ngaphaphi kokuba kuphele izinsuku ezinhlanu zomsebenzi.
Lapho unikezwe isaziso sokuba uze ecaleni lokuqondisa izigwegwe ngokwemisho 6 no 7 ngaphansi komthetho wokuziphatha emsebenzini.
Umhlangano uzobe use [indawo] ngo ... [usuku] ngo-------- [iskhathi]. Uma ungezanga futhi wanganikeza sizathu sokungabibikho kwakho, umhlangano uzoqhubeka ngaphandle kwakho.
Ungabuveza ubufakazi bakho okubhaliwe noma ngokuba ulethe ubufakazi.
Uyonikezwa ithuba lokuba ufake imibuzo noma yimuphi ufakazi olethwe umnyango.
Mina, [ igama lomqashwa ] ngalamazwi ngiletha isikhalazo ngiphikisana necala engabekwa lona ngo ... ngomhlaka...
E [ indawo].
Nginikeza incwajana enesaziso mayelana nophenyo isesixwayiso esibhaliwe.
Ngifisa / angifisi (khetha okukodwa) ukunikeza obunye ubufakazi obungakabibikho kulesisikhathi secala.
